16. ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,
17. nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo
18. funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;
19. kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,
20. uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.
21. UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.
22. “Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,
23. nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;
24. yebo, bonke abantu bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?’
25. “Bese kuthiwa: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,
26. baya bakhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu abangabaziyo, angabahlukaniselanga bona,
27. ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela leli zwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi;
28. uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’
29. “Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.