1. Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.
2. UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:
3. izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu;
4. kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi, namehlo okubona, nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.
5. Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
6. Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.