66. ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho, wesabe ubusuku nemini, ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho;
67. ekuseni uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kukusihlwa,’ nakusihlwa uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kusekuseni,’ ngenxa yengebhe yenhliziyo yakho oyakuba nayo nagenxa yokubonwa ngamehlo akho oyakukubona.
68. UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”