Uduteronomi 28:40-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke, ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.

41. Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.

42. Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.

43. “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.

44. Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.

45. “Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,

46. zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade.

47. Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,

48. uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.

49. “UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,

50. isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha.

51. Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.

52. Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

53. “Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.

54. Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo,

Uduteronomi 28