14. nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.
15. “Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.
16. “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.
17. “Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.
18. “Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.
19. “Uyakuqalekiswa ekungeneni kwakho, uqalekiswe nasekuphumeni kwakho.
20. “UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso, nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze, uze uchithwe, ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.
21. UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.
22. UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele.
23. Izulu lakho eliphezu kwakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.
24. UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.
25. “UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.