Uduteronomi 27:3-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

4. Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka.

5. Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i-altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi.

6. Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho,

7. uhlabe iminikelo yokuthula, udle khona, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

8. Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle.”

9. UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.

10. Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”

11. UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi:

12. “Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;

13. laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.

14. “AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwa-Israyeli ngezwi elikhulu:

15. “ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’“Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’

16. “ ‘Makaqalekiswe odelela uyise noma unina.’“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

Uduteronomi 27