1. UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.
2. Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka,
3. ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.
4. Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka.
5. Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i-altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi.