Uduteronomi 27:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.

2. Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka,

3. ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

4. Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka.

5. Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i-altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi.

6. Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho,

7. uhlabe iminikelo yokuthula, udle khona, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

8. Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle.”

9. UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.

10. Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”

Uduteronomi 27