Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi;