Uduteronomi 25:18-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. ukuthi wakuhlangabeza endleleni, washaya abasemva kwakho, bonke ababebuthakathaka emva kwakho, lapho usukhathele, uphelile amandla; kamesabanga uJehova.

19. Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.

Uduteronomi 25