Uduteronomi 25:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu.

13. “Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo, esikhulu nesincane.

14. Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane.

15. Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

16. Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Uduteronomi 25