1. “Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,
2. kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe.
3. Angamshaya imivimbo engamashumi amane, angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo, kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.
4. “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula.