Uduteronomi 24:7-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. “Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.

8. “Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.

9. Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.

10. “Nxa utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyikungena endlini yakhe ukulanda isibambiso sakhe.

11. Uyakuma ngaphandle, umuntu omtshelekayo uyakukukhiphela isibambiso phandle.

12. Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokhu okuyisibambiso sakhe,

13. kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

14. “Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho;

15. uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.

16. “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.

17. “Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane, ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,

18. kepha ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

19. “Nxa uvuna isivuno sakho ensimini, ukhohliwe isithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukusilanda, kepha asibe ngesomfokazi, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho.

20. Lapho uvuthuza umnqumo wakho, awuyikubukeza amagatsha, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.

21. Nxa ubutha okwesivini sakho, awuyikukhothoza ngasemuva, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.

22. Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

Uduteronomi 24