20. Lapho uvuthuza umnqumo wakho, awuyikubukeza amagatsha, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.
21. Nxa ubutha okwesivini sakho, awuyikukhothoza ngasemuva, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.
22. Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.