Uduteronomi 24:2-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu.

3. Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa,

4. indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe, ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.

5. “Nxa umuntu ethatha umfazi omusha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.

6. “Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.

7. “Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.

8. “Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.

9. Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.

10. “Nxa utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyikungena endlini yakhe ukulanda isibambiso sakhe.

11. Uyakuma ngaphandle, umuntu omtshelekayo uyakukukhiphela isibambiso phandle.

12. Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokhu okuyisibambiso sakhe,

13. kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

14. “Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho;

15. uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.

Uduteronomi 24