9. “Lapho usekamu* ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.
10. Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku, uyakuphumela ngaphandle kwekamu, angangeni phakathi kwekamu,
11. kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.
12. “Makube khona indawo ngaphandle kwekamu, lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,
13. ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,
14. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.
15. “Unganikeli kumniniso isigqila esibalekile kumniniso seza kuwe.
16. Siyakuhlala kuwe phakathi kwakho endaweni esiyakuyikhetha phakathi kwelinye lamasango akho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.
17. “Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.
18. Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
19. “Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo, inzalo yemali, nenzalo yokudla, nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.
20. Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.
21. “Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.
22. Kepha uma uyeka ukwethembisa, akuyikuba yisono kuwe.
23. Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.
24. “Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.
25. “Lapho ungena ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho, ungazikha izikhwebu ngesandla sakho, kepha ungabeki isikela ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho.