Uduteronomi 23:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Olimele emasendeni noma enqunyiwe umphambili akanakungena ebandleni likaJehova.

2. “Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi.

3. “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,

Uduteronomi 23