4. “Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.
5. “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
6. “Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
7. kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
8. “Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.
9. “Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.
10. “Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.
11. “Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.
12. “Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo.
13. “Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,
14. amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,’
15. uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi, baziyise kumalunga omuzi esangweni,
16. uyise wentombi athi kumalunga: ‘Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala;
17. bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi: “Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho,” nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami.’ Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.
18. Amalunga alowo muzi ayakumthatha lowo muntu, amlaye,
19. amhlawulise ngamashekeli* esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi, ngokuba uveze igama elibi phezu kwentombi yakwa-Israyeli, yona ibe ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe.
20. “Kepha-ke uma le nto iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini,
21. bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
22. “Uma indoda ifunyanwa ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayakufa bobabili, indoda ebilele nowesifazane nowesifazane uqobo; kanjalo uyakukhipha ububi kwa-Israyeli.