Uduteronomi 22:26-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. ungenzi lutho kuyo intombi, ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe, ambulale,

27. ngokuba wayifumana isendle; noma intombi eyingoduso yakhala, akwabakho muntu wokuyisindisa.

28. “Uma indoda ifumana intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, baficwe,

29. indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.

30. “Umuntu angathathi umkayise, ambule umphetho wengubo yakhe.

Uduteronomi 22