1. “Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.
2. Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.
3. Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe, wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi.
4. “Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.
5. “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
6. “Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
7. kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
8. “Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.
9. “Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.
10. “Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.
11. “Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.
12. “Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo.
13. “Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,
14. amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,’
15. uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi, baziyise kumalunga omuzi esangweni,
16. uyise wentombi athi kumalunga: ‘Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala;