4. amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule intamo yesithokazi lapho esigodini;
5. abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;
6. onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,
7. aphendule athi: ‘Izandla zethu azichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga.
8. Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo.
9. Kanjalo uyakukhipha igazi elingenacala phakathi kwakho, ngokuba uyakwenza okulungile emehlweni kaJehova.