10. “Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,
11. ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye, uthanda ukumthatha abe ngumkakho,
12. myise ekhaya, aphucule ikhanda lakhe, asike izinzipho zakhe,
13. akhumule izingubo zokuthunjwa kwakhe, ahlale endlini yakho, akhalele uyise nonina inyanga yonke, andukuba ungene kuye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.
14. Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.
15. “Uma umuntu enabafazi ababili, omunye ethandeka omunye aliwa, bamzalele abantwana, othandekayo nowaliwayo, bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,
16. kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadodana akhe ifa analo, makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo,
17. kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.
18. “Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo, engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya,
19. uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,
20. bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.’
21. Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.
22. “Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,
23. isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.