1. “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
2. Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:
3. ‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
4. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
5. “Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.