1. “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
2. Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:
3. ‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
4. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
5. “Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
6. Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle.
7. Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.’
8. Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’
9. Kuyakuthi lapho izinduna seziqedile ukukhuluma, zikhethe izinduna zamabandla eziyakubahola abantu.
10. “Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo.
11. Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze.
12. Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela,