3. ‘Sekuyisikhathi niyizungeza le ntaba; phendukani, niye ngasenyakatho.
4. Yala abantu ngokuthi: “Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,
5. ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.
6. Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.” ’
7. “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.
8. “Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase-Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.
9. “UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”
10. Kwakuhlala khona kuqala ama-Emi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;
11. laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.
12. AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova.
13. “ ‘Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi.’ Sase siwela-ke umfula iZeredi.
14. “Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.
15. Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu,* aze aphela.
16. “Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,
17. uJehova wakhuluma kimi, wathi:
18. ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;