Uduteronomi 2:29-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’

30. Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.

31. “UJehova wayesethi kimi: ‘Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.’

32. “USihoni waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa eJahasi.

33. UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu, samnqoba yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.

34. Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;

35. izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.

36. Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;

37. izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJakobi, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.

Uduteronomi 2