16. “Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,
17. uJehova wakhuluma kimi, wathi:
18. ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;
19. lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”
20. Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,
21. abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,
22. njengalokho ebenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri, lapho ewachitha amaHori phambi kwabo, bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;
23. kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba seGaza, anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.
24. “ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.
25. Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’