12. AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova.
13. “ ‘Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi.’ Sase siwela-ke umfula iZeredi.
14. “Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.
15. Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu,* aze aphela.
16. “Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,
17. uJehova wakhuluma kimi, wathi:
18. ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;
19. lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”