16. “Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi,
17. amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi,
18. abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo,
19. niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
20. Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho.
21. Iso lakho aliyikuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.