Uduteronomi 19:16-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi,

17. amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi,

18. abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo,

19. niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

20. Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho.

21. Iso lakho aliyikuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.

Uduteronomi 19