Uduteronomi 18:11-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.

12. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.

13. Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.

14. “Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.

15. UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena

16. njengakho konke owakufisa kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lomhlangano ngokuthi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngingabe ngisawubona lomlilo omkhulu futhi, funa ngife.’

17. “UJehova wayesethi kimi: ‘Basho kahle lokho abakukhulumile.

18. Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.

19. Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye.

20. Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’

21. “Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’

22. yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

Uduteronomi 18