Uduteronomi 17:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

8. “Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,

9. uye kubapristi bamaLevi, nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela,

10. wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova, uqaphele ukwenza njengakho konke abakufundisa khona;

Uduteronomi 17