1. “Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
2. Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe,
3. wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,
4. besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile, leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli,
5. uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.
6. Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.
7. Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
8. “Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,