1. “Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.
2. Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.
3. Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
4. Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse.
5. “Awunakuhlaba iphasika phakathi kwamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona;