Uduteronomi 15:9-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.

10. Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.

11. Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’

12. “Uma umfowenu, umHeberu noma umHeberukazi, ethengiswa kuwe, akukhonze iminyaka eyisithupha, ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe.

13. Nxa umyekela ukuba ahambe, awuyikummukisa ze.

14. Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho, nangokwesibuya sakho, nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena.

15. Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.

16. “Kuyakuthi uma ethi kuwe: ‘Angiyikusuka kuwe,’ lokhu ekuthanda wena nendlu yakho, ngokuba ehlala kahle kuwe,

17. uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.

Uduteronomi 15