6. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
7. “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,
8. kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo.
9. Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.
10. Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.
11. Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’
12. “Uma umfowenu, umHeberu noma umHeberukazi, ethengiswa kuwe, akukhonze iminyaka eyisithupha, ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe.