4. Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle,
5. uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.
6. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
7. “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,
8. kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo.