Uduteronomi 15:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “Uma umfowenu, umHeberu noma umHeberukazi, ethengiswa kuwe, akukhonze iminyaka eyisithupha, ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe.

13. Nxa umyekela ukuba ahambe, awuyikummukisa ze.

14. Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho, nangokwesibuya sakho, nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena.

15. Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.

16. “Kuyakuthi uma ethi kuwe: ‘Angiyikusuka kuwe,’ lokhu ekuthanda wena nendlu yakho, ngokuba ehlala kahle kuwe,

17. uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.

18. “Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.

19. “Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.

20. Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho.

21. Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma yisiphi isici, awuyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wakho.

22. Uyakulidla phakathi kwamasango akho, ongcolileyo nohlambulukileyo ngokufananayo, njengensephe nendluzele.

23. Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.

Uduteronomi 15