6. Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.
7. Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo: ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, zingahlukanisi kodwa inselo; zingcolile kini;
8. nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.
9. “Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe;
10. zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.
11. “Ningadla kuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo.
12. Kodwa yilezi eningayikudla kuzo: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
13. nesiphungumangathi, noheshe, nonhloyile ngezinhlobo zakhe,
14. nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,
15. nentshe, nenkovana, nenkanku, noklebe ngezinhlobo zakhe,
16. nesikhova, nomxwagele, nefukezi,
17. nevuba, nophalane, nomphishamanzi,
18. nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
19. “Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa.
20. Kepha ezinyonini zonke ezihlambulukileyo ningadla.