Uduteronomi 14:4-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Nazi izilwane eningazidla: inkomo, nemvu, nembuzi,

5. nendluzele, nensephe, nenxala, nempala, nempalampala, newula, negogo.

6. Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.

7. Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo: ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, zingahlukanisi kodwa inselo; zingcolile kini;

8. nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.

9. “Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe;

10. zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.

11. “Ningadla kuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo.

12. Kodwa yilezi eningayikudla kuzo: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,

13. nesiphungumangathi, noheshe, nonhloyile ngezinhlobo zakhe,

14. nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,

15. nentshe, nenkovana, nenkanku, noklebe ngezinhlobo zakhe,

16. nesikhova, nomxwagele, nefukezi,

Uduteronomi 14