Uduteronomi 14:22-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. “Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,

23. ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.

24. Uma indlela ikude nawe, ungenamandla okukuthwala, ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa,

Uduteronomi 14