1. “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.
2. Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
3. “Ungadli into enengekayo.
4. Nazi izilwane eningazidla: inkomo, nemvu, nembuzi,
5. nendluzele, nensephe, nenxala, nempala, nempalampala, newula, negogo.
6. Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.
7. Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo: ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, zingahlukanisi kodwa inselo; zingcolile kini;
8. nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.
9. “Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe;