28. Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.
29. “Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla, nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo,
30. xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho, ungabuzi ngawonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe zikhonza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.’
31. Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.
32. “Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.