4. esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi.
5. Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi:
6. “UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: ‘Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba;
7. phendukani nihambe, niye entabeni yama-Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e-Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
8. Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’
9. “Ngakhuluma kini ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Anginakunithwala mina ngedwa;
10. uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.
11. UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.
12. Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?
13. Nizithathele amadoda ahlakaniphileyo, aqondileyo, aziwayo ezizweni zenu, ngiwenze abe yizinhloko phezu kwenu.’
14. “Nangiphendula nathi: ‘Okukhulumileyo kuhle kithi ukukwenza.’
15. “Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.
16. Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okuphakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulungileyo phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okuye.
17. Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’
18. Nganiyala ngaleso sikhathi ngakho konke ebeniyakukwenza.
19. “Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.
20. Ngase ngithi kini: ‘Senifikile entabeni yama-Amori uJehova uNkulunkulu wethu asinika yona.
21. Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe phambi kwenu: khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akhuluma kini; ningesabi, ningapheli amandla.’