Uduteronomi 1:39-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.

40. Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’

41. “Nase niphendula, nithi kimi: ‘Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu. Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.’

42. “UJehova wayesethi kimi: ‘Yisho kubo ukuthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu, ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.” ’

43. “Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.

Uduteronomi 1