Uduteronomi 1:33-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.

34. “UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi:

35. ‘Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,

36. ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’

37. “Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyikungena khona;

38. uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.

39. Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.

40. Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’

41. “Nase niphendula, nithi kimi: ‘Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu. Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.’

Uduteronomi 1