Uduteronomi 1:24-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Wona ayesephenduka, akhuphukela entabeni, afika esiGodini sase-Eshikoli, asihlola.

25. Athatha ngezandla zawo ezithelweni zezwe, azehlisela kithi, asibuyisela izwi, athi: ‘Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’

26. “Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu;

27. nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.

28. Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’

29. “Ngase ngithi kini: ‘Ningashaywa luvalo, ningabesabi.

30. UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,

31. nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’

32. “Noma kunjalo, anikholwanga nokho nguJehova uNkulunkulu wenu

33. owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.

34. “UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi:

Uduteronomi 1