Uduteronomi 1:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,

2. kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi Barineya.

3. Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,

4. esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi.

5. Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi:

6. “UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: ‘Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba;

7. phendukani nihambe, niye entabeni yama-Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e-Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.

8. Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’

9. “Ngakhuluma kini ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Anginakunithwala mina ngedwa;

10. uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

11. UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.

Uduteronomi 1