15. “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.
16. Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini waseJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.
17. “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.
18. Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.
19. Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”
20. Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,
21. yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.
22. Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumile ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.
23. Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono.
24. “Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.
25. “Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.
26. Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.
27. Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”