Udaniyeli 9:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.

12. Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.

13. Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.

14. UJehova wayesebulinda ububi, wasehlisela bona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kepha asililalelanga izwi lakhe.

15. “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

16. Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini waseJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.

17. “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.

18. Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.

19. Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

20. Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,

21. yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

22. Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumile ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.

23. Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono.

Udaniyeli 9