1. Ngomnyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKaledi,
2. ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
3. Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.
4. Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi:“O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,